1. Ngaleso sikhathi uHerode inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla.
2. Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba.
3. Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.
4. Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.
5. Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.
6. Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.
7. Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.
8. Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake izicathulo zakho.” Wenze njalo. Yathi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.”
9. Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi, kodwa wayethi ubona umbono.