Izenzo 11:21-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.

22. Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;

23. wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.

24. Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.

25. UBarnaba wayeseya eTarsu ukuba afune uSawulu;

26. kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.

27. Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.

Izenzo 11