Izenzo 11:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.

2. Kwathi ukuba uPetru enyukele eJerusalema, abokusoka baphikisana naye,

3. bathi: “Ungene kubantu abangasokile, wadla nabo.”

4. Kepha uPetru wabathathela konke ngokulandelana, wathi:

5. “Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka; ngehlelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.

6. Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu.

7. Ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sukuma, Petru; hlaba, udle.’

8. “Kepha ngathi: ‘Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.’

Izenzo 11