Izenzo 11:1-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.

2. Kwathi ukuba uPetru enyukele eJerusalema, abokusoka baphikisana naye,

3. bathi: “Ungene kubantu abangasokile, wadla nabo.”

4. Kepha uPetru wabathathela konke ngokulandelana, wathi:

5. “Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka; ngehlelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.

6. Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu.

7. Ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sukuma, Petru; hlaba, udle.’

8. “Kepha ngathi: ‘Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.’

9. “Khona izwi elivela ezulwini laphendula ngokwesibili, lathi: ‘Lokho akuhlambululileyo uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kuyichilo.’

10. Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.

11. “Bhekani, ngaso leso sikhathi kwase kumi amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo; ayethunyelwe kimi, evela eKesariya.

12. UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda.

13. Yasibikela-ke ukuthi yayibonile ingelosi imi endlini yayo, ithi: ‘Thumela eJopha, ulande uSimoni othiwa uPetru

14. ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nendlu yakho yonke.’

Izenzo 11