Izenzo 10:34-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

35. kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.

36. Walithumela izwi kubantwana bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.

37. Niyalazi izwi elamenyezelwa eJudiya lonke, liqalile eGalile, emva kokubhapathiza akushumayelayo uJohane

Izenzo 10