Izenzo 10:24-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu.

25. Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.

26. Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.”

27. Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene.

Izenzo 10