Izenzo 10:2-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. wayengumuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.

3. Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!”

4. Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?”Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.

5. Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru;

6. yena ungenisile kwaSimoni othile, umshuki, ondlu yakhe ingaselwandle.”

7. Isimukile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayehlala naye njalo,

8. wabalandisa konke, wabathumela eJopha.

9. Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.

10. Khona walamba kakhulu, wafuna ukudla; kepha besamlungisela wehlelwa yisiyezi,

11. wabona izulu livulekile nesitsha esithile sehla sinjengendwangu enkulu, sehliselwa emhlabeni ngamachopho amane.

12. Kusona kwakukhona zonke izilwane ezinezinyawo ezine, nezinwabuzelayo zomhlaba, nezinyoni zezulu.

13. Kwavela izwi, lathi kuye: “Vuka, Petru; hlaba, udle.”

14. Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.”

15. Izwi laphinda lasho kuye ngokwesibili, lathi: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.”

16. Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini.

17. UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni, ema ngasesangweni,

18. amemeza ebuza ukuthi uSimoni othiwa uPetru ungenisile yini lapho.

19. UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna;

20. sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo.”

21. UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?”

Izenzo 10