18. amemeza ebuza ukuthi uSimoni othiwa uPetru ungenisile yini lapho.
19. UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna;
20. sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo.”
21. UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?”