Izenzo 10:14-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.”

15. Izwi laphinda lasho kuye ngokwesibili, lathi: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.”

16. Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini.

17. UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni, ema ngasesangweni,

18. amemeza ebuza ukuthi uSimoni othiwa uPetru ungenisile yini lapho.

19. UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna;

20. sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo.”

21. UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?”

22. Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”

23. Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.

24. Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu.

25. Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.

26. Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.”

27. Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene.

28. Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile.

29. Ngakho lokhu ngibiziwe, ngizile ngingalanga. Ngakho-ke sengiyabuza ukuthi ningibizeleni na?”

30. UKorneliyu wathi: “Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami,

31. yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.

32. Ngakho thumela eJopha, ubize uSimoni othiwa uPetru; yena ungenisile endlini kaSimoni umshuki ngaselwandle.’

33. Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”

34. Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

Izenzo 10