1. Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;
2. wayengumuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.
3. Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!”
4. Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?”Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.
5. Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru;
6. yena ungenisile kwaSimoni othile, umshuki, ondlu yakhe ingaselwandle.”