8. Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde;thethisa isihlakaniphi,siyakukuthanda.
9. Siphe isihlakaniphi,siyakwanda ngokuhlakanipha;fundisa olungileyo,uyakwenezela emfundweni.
10. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11. Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi,neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;uma udelela,uyakukuthwala wena wedwa.”
13. Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,ongazi lutho.
14. Uhlezi ngasemnyango wendlu yakheesihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi
15. ukuba ameme abadlula endleleni,abaqonda emikhondweni yabo,ngokuthi:
16. “Ongenalwazi makaphambukele lapha,”kongenangqondo uthi: