Izaga 9:8-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde;thethisa isihlakaniphi,siyakukuthanda.

9. Siphe isihlakaniphi,siyakwanda ngokuhlakanipha;fundisa olungileyo,uyakwenezela emfundweni.

10. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.

11. Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi,neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.

12. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;uma udelela,uyakukuthwala wena wedwa.”

13. Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,ongazi lutho.

14. Uhlezi ngasemnyango wendlu yakheesihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi

15. ukuba ameme abadlula endleleni,abaqonda emikhondweni yabo,ngokuthi:

16. “Ongenalwazi makaphambukele lapha,”kongenangqondo uthi:

Izaga 9