Izaga 8:8-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Onke amazwi omlomo wami asekulungeni;akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.

9. Aqondile onke koqondayo;alungile kothola ukwazi.

10. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva,nokwazi kunegolide elikhethekileyo.

11. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,*nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.

12. Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,ngithola ukwazi namasu.

13. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;ukuzidla, nokuzikhukhumeza,nendlela embi,nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

14. Kimina kukhona ukululeka nempumelelo;ngingukuqonda, nginamandla.

15. Amakhosi abusa ngami,nababusi bamisa ukulunga.

16. Izikhulu zibusa ngami,namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.

17. Ngiyathanda abangithandayo;abangifunayo bayakungifumana.

18. Ingcebo nodumo kukimi,ukunotha okumiyo nokulunga.

19. Isithelo sami sihle kunegolide,kunegolide elicwengekileyo,nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo.

20. Ngiyahamba endleleni yokulunga,phakathi kwemikhondo yokwahlulela,

21. ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo,ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.

22. “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhengaphambi kwemisebenzi yamandulo.

Izaga 8