Izaga 8:21-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo,ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.

22. “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhengaphambi kwemisebenzi yamandulo.

23. Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni,umhlaba ungakabikho.

24. Lungakabikho utwa ngazalwa,ingakabikho imithombo egcwele amanzi.

25. Zingakasekelwa izintaba,namagquma engakabikho, ngazalwa,

26. engakawenzi umhlaba namasimu,nokuqala kothuli lwezwe.

27. Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona,nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa.

28. Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine,nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,

29. lapho emisela ulwandle umncele,ukuze amanzi angeqi izwi lakhe,nalapho emisa izisekelo zomhlaba,

30. khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi,ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla,ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,

31. ngijabula ezweni lomhlaba wakhe,intokozo yami ikanye namadodana abantu.

32. “Ngalokho, bantwana, ngizweni,ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.

Izaga 8