Izaga 8:11-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,*nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.

12. Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,ngithola ukwazi namasu.

13. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;ukuzidla, nokuzikhukhumeza,nendlela embi,nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

14. Kimina kukhona ukululeka nempumelelo;ngingukuqonda, nginamandla.

15. Amakhosi abusa ngami,nababusi bamisa ukulunga.

16. Izikhulu zibusa ngami,namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.

17. Ngiyathanda abangithandayo;abangifunayo bayakungifumana.

18. Ingcebo nodumo kukimi,ukunotha okumiyo nokulunga.

19. Isithelo sami sihle kunegolide,kunegolide elicwengekileyo,nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo.

20. Ngiyahamba endleleni yokulunga,phakathi kwemikhondo yokwahlulela,

21. ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo,ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.

22. “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhengaphambi kwemisebenzi yamandulo.

23. Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni,umhlaba ungakabikho.

24. Lungakabikho utwa ngazalwa,ingakabikho imithombo egcwele amanzi.

Izaga 8