1. Ukuhlakanipha akumemezi yini,nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?
2. Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo,ngasendleleni phakathi kwemikhondo.
3. Ngaseceleni kwamasango,ngasekungeneni komuzi,lapho kungenwa ngeminyango,kuyamemeza ngokuthi:
4. âNgiyanibiza nina madoda;izwi lami likumadodana abantu.
5. Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi;nani ziwula,manibe nenhliziyo eqondileyo.
6. Zwanini,ngokuba ngiyakulanda okukhulu;ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.
7. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso;ububi buyisinengiso ezindebeni zami.