1. Ukuhlakanipha akumemezi yini,nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?
2. Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo,ngasendleleni phakathi kwemikhondo.
3. Ngaseceleni kwamasango,ngasekungeneni komuzi,lapho kungenwa ngeminyango,kuyamemeza ngokuthi:
4. âNgiyanibiza nina madoda;izwi lami likumadodana abantu.