Izaga 8:1-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ukuhlakanipha akumemezi yini,nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?

2. Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo,ngasendleleni phakathi kwemikhondo.

3. Ngaseceleni kwamasango,ngasekungeneni komuzi,lapho kungenwa ngeminyango,kuyamemeza ngokuthi:

4. “Ngiyanibiza nina madoda;izwi lami likumadodana abantu.

5. Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi;nani ziwula,manibe nenhliziyo eqondileyo.

6. Zwanini,ngokuba ngiyakulanda okukhulu;ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.

7. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso;ububi buyisinengiso ezindebeni zami.

8. Onke amazwi omlomo wami asekulungeni;akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.

9. Aqondile onke koqondayo;alungile kothola ukwazi.

10. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva,nokwazi kunegolide elikhethekileyo.

11. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,*nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.

12. Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,ngithola ukwazi namasu.

13. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;ukuzidla, nokuzikhukhumeza,nendlela embi,nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

14. Kimina kukhona ukululeka nempumelelo;ngingukuqonda, nginamandla.

15. Amakhosi abusa ngami,nababusi bamisa ukulunga.

16. Izikhulu zibusa ngami,namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.

Izaga 8