5. ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo,kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.
6. Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,
7. ngabheka phakathi kwabangenalwazi,ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,
8. edlula esitaladini eduze negumbi lakhe.iya endleleni yendlu yakhe,
9. sekuhwelela kusihlwa,esigayegayeni sobusuku nobumnyama.
10. Bheka,isihlangabezwa ngowesifazane;izingubo zakhe zingezesifebe,enobuqili enhliziyweni.
11. Uyanyakaza engenakuthula;izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe;
12. manje usemigwaqweni,nangu usezigcawini,uqamekela emagumbini onke.