Izaga 7:2-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Gcina imiyalo yami, uphile,nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.

3. Yibophe eminweni yakho,uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.

4. Yisho kukho ukuhlakanipha:“Ungudadewethu,”ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,

5. ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo,kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.

6. Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,

7. ngabheka phakathi kwabangenalwazi,ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,

8. edlula esitaladini eduze negumbi lakhe.iya endleleni yendlu yakhe,

Izaga 7