1. Ndodana yami, gcina amazwi ami,uzibekelele imiyalo yami.
2. Gcina imiyalo yami, uphile,nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.
3. Yibophe eminweni yakho,uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.
4. Yisho kukho ukuhlakanipha:“Ungudadewethu,”ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,
5. ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo,kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.
6. Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,
7. ngabheka phakathi kwabangenalwazi,ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,