Izaga 6:4-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Unganiki amehlo akho ubuthongo,nezinkophe zakho ukozela.

5. Zophule njengensephe kumzingelinanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.

6. Yana entuthwaneni, vilandini,ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,

7. yona ethi ingenamahluleli,nambonisi, nambusi,

8. ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo,ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.

9. Uyakulala kuze kube nini, vilandini?Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?

10. Ubuthongo obuncane,ukozela okuncane,ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,

11. bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.

12. Umuntu omubi, umuntu wokona,nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,

13. oqwayiza amehlo,eshudula ngezinyawo zakhe,ekhomba ngeminwe.

14. Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe;uceba okubi ngesikhathi sonke;ususa ukuxabana.

15. Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo;ngokuphazima kweso uyakwaphulwa,kungabikho ukuphiliswa.

16. Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova,yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:

17. amehlo azidlayo, nolimi lwamanga,nezandla ezichitha igazi elingenacala,

18. nenhliziyo eceba imicabango emibi,nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,

19. nofakazi wamanga ophafuza inkohliso,obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.

Izaga 6