Izaga 6:28-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Umuntu angahamba phezukwamalahle avuthayo,izinyawo zakhe zingahanguki, na?

29. Unjalo yena ongena kumkamakhelwane:akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.

30. Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na?

31. Uma efunyanwa,uyakubuyisa kasikhombisa,anikeze yonke impahla yendlu yakhe.

32. Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda;wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.

33. Uyakuthola imivimbo nehlazo,nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.

34. Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka;ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela.

35. Ayiyikunaka neze ihlawulo;ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.

Izaga 6