Izaga 6:19-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. nofakazi wamanga ophafuza inkohliso,obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.

20. Ndodana yami,gcina umyalo kayihlo,ungawushiyi umthetho kanyoko.

21. Yibophe enhliziyweni yakho njalo,uyithekeleze entanyeni yakho.

22. Mayikuhole ekuhambeni kwakho,ikulondoloze ekulaleni kwakho,ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.

23. Ngokuba imiyalo iyisibani,nomthetho ungukukhanya,nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,

24. ukuze ugcinwe kowesifazane omubi,nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.

25. Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho,angakubambi ngezinkophe zakhe.

26. Ngokuba intengo yowesifazaneoyisiphingi iyiqebelengwanelesinkwa, kepha umfaziwomuntu uzingela umphefumulo onqabileyo.

27. Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe,izingubo zakhe zingashi, na?

28. Umuntu angahamba phezukwamalahle avuthayo,izinyawo zakhe zingahanguki, na?

29. Unjalo yena ongena kumkamakhelwane:akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.

30. Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na?

31. Uma efunyanwa,uyakubuyisa kasikhombisa,anikeze yonke impahla yendlu yakhe.

32. Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda;wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.

Izaga 6