Izaga 6:14-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe;uceba okubi ngesikhathi sonke;ususa ukuxabana.

15. Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo;ngokuphazima kweso uyakwaphulwa,kungabikho ukuphiliswa.

16. Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova,yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:

17. amehlo azidlayo, nolimi lwamanga,nezandla ezichitha igazi elingenacala,

18. nenhliziyo eceba imicabango emibi,nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,

19. nofakazi wamanga ophafuza inkohliso,obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.

20. Ndodana yami,gcina umyalo kayihlo,ungawushiyi umthetho kanyoko.

Izaga 6