Izaga 5:7-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngalokho, madodana ami, ngizweni,ningachezuki emazwini omlomo wami.

8. Dedisela kude naye indlela yakho,ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

9. funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,

10. funa abezizwe basuthe ngamandla akho,umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,

11. uze ububule ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,

12. ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywanokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

13. Angilalelanga izwi labafundisi bami,angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.

14. Ngacishe ngaba sebubini bonkephakathi kwebandla nasemhlanganweni.”

15. Phuza amanzi emgodini wakho,amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.

16. Imithombo iyaphalala ngaphandle yini,nemifula yamanzi ezigcawini, na?

17. Mayibe ngeyakho wena wedwa,ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.

18. Mawubusiswe umthombo wakho,uthokoze ngomfazi wobusha bakho.

19. Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle;amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke,weqiwe njalo luthando lwakhe.

Izaga 5