Izaga 5:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Akanaki umkhondo wokuphila;imikhondo yakhe iyaguquguquka,engazi.

7. Ngalokho, madodana ami, ngizweni,ningachezuki emazwini omlomo wami.

8. Dedisela kude naye indlela yakho,ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

9. funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,

10. funa abezizwe basuthe ngamandla akho,umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,

11. uze ububule ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,

12. ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywanokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

13. Angilalelanga izwi labafundisi bami,angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.

Izaga 5