Izaga 5:17-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Mayibe ngeyakho wena wedwa,ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.

18. Mawubusiswe umthombo wakho,uthokoze ngomfazi wobusha bakho.

19. Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle;amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke,weqiwe njalo luthando lwakhe.

20. Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami,ugone isifuba somfokazi, na?

21. Ngokuba izindlela zomuntuziphambi kwamehlo kaNkulunkulu;uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.

22. Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe,abhajwe ngezintambo zezono zakhe.

23. Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa,nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.

Izaga 5