1. Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami,ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami
2. ukuba ugcine amasu,nezindebe zakho zilonde ukwazi.
3. Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi;umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.
4. Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane,ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.
5. Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni;izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.
6. Akanaki umkhondo wokuphila;imikhondo yakhe iyaguquguquka,engazi.
7. Ngalokho, madodana ami, ngizweni,ningachezuki emazwini omlomo wami.
8. Dedisela kude naye indlela yakho,ungasondeli emnyango wendlu yakhe,
9. funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,
10. funa abezizwe basuthe ngamandla akho,umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,
11. uze ububule ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,
12. ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywanokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!