Izaga 4:8-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kukhulise, kuyakukuphakamisa;kuyakukudumisa, lapho ukugona.

9. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa,kunikeze kuwe umqhele wodumo.”

10. Yizwa, ndodana yami,wamukele izwi lami;kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.

11. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;ngikuhola emikhondweni yobuqotho.

12. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.

13. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;kulonde,ngokuba kungukuphila kwakho.

14. Ungangeni emkhondweni wababi,ungahambi endleleni yabonakeleyo.

15. Yixwaye, ungadluli ngayo;chezuka kuyo, udlule.

16. Ngokuba abalali,uma bengenzanga okubi;ubuthongo buyasuswa,uma bengakhubekisanga muntu.

17. Ngokuba badla isinkwa sobubi,baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

18. Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusaokuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.

19. Indlela yababi injengobumnyama;abazi ukuthi bakhubeka ngani.

20. Ndodana yami, lalela amazwi ami,ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.

21. Makungachezuki emehlweni akho,ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,

22. ngokuba kungukuphila kwabakufumanayonempilo yomzimba wonke wabo.

23. Phezu kwakho konke okugcinayo,gcina inhliziyo yakho,ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

Izaga 4