Izaga 4:7-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

8. Kukhulise, kuyakukuphakamisa;kuyakukudumisa, lapho ukugona.

9. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa,kunikeze kuwe umqhele wodumo.”

10. Yizwa, ndodana yami,wamukele izwi lami;kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.

11. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;ngikuhola emikhondweni yobuqotho.

12. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.

13. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;kulonde,ngokuba kungukuphila kwakho.

14. Ungangeni emkhondweni wababi,ungahambi endleleni yabonakeleyo.

15. Yixwaye, ungadluli ngayo;chezuka kuyo, udlule.

16. Ngokuba abalali,uma bengenzanga okubi;ubuthongo buyasuswa,uma bengakhubekisanga muntu.

17. Ngokuba badla isinkwa sobubi,baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

18. Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusaokuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.

19. Indlela yababi injengobumnyama;abazi ukuthi bakhubeka ngani.

20. Ndodana yami, lalela amazwi ami,ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.

Izaga 4