Izaga 4:12-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.

13. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;kulonde,ngokuba kungukuphila kwakho.

14. Ungangeni emkhondweni wababi,ungahambi endleleni yabonakeleyo.

15. Yixwaye, ungadluli ngayo;chezuka kuyo, udlule.

16. Ngokuba abalali,uma bengenzanga okubi;ubuthongo buyasuswa,uma bengakhubekisanga muntu.

17. Ngokuba badla isinkwa sobubi,baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

18. Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusaokuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.

Izaga 4