1. Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise,nilalele, ukuze nazi ukuqonda.
2. Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle;ningawushiyi umthetho wami.
3. Ngokuba ngangiyindodana kubaba,ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.
4. Wangifundisa, wathi kimi:âInhliziyo yakho mayibambe amazwi ami;gcina imiyalo yami, uphile.
5. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;