Izaga 4:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise,nilalele, ukuze nazi ukuqonda.

2. Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle;ningawushiyi umthetho wami.

3. Ngokuba ngangiyindodana kubaba,ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.

4. Wangifundisa, wathi kimi:“Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami;gcina imiyalo yami, uphile.

5. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;

6. ungakushiyi, kuyakukugcina;kuthande, kuyakukulondoloza.

7. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.

8. Kukhulise, kuyakukuphakamisa;kuyakukudumisa, lapho ukugona.

9. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa,kunikeze kuwe umqhele wodumo.”

10. Yizwa, ndodana yami,wamukele izwi lami;kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.

11. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;ngikuhola emikhondweni yobuqotho.

12. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.

13. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;kulonde,ngokuba kungukuphila kwakho.

14. Ungangeni emkhondweni wababi,ungahambi endleleni yabonakeleyo.

15. Yixwaye, ungadluli ngayo;chezuka kuyo, udlule.

16. Ngokuba abalali,uma bengenzanga okubi;ubuthongo buyasuswa,uma bengakhubekisanga muntu.

17. Ngokuba badla isinkwa sobubi,baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

Izaga 4