1. Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise,nilalele, ukuze nazi ukuqonda.
2. Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle;ningawushiyi umthetho wami.
3. Ngokuba ngangiyindodana kubaba,ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.
4. Wangifundisa, wathi kimi:“Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami;gcina imiyalo yami, uphile.
5. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;
6. ungakushiyi, kuyakukugcina;kuthande, kuyakukulondoloza.
7. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
8. Kukhulise, kuyakukuphakamisa;kuyakukudumisa, lapho ukugona.
9. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa,kunikeze kuwe umqhele wodumo.”
10. Yizwa, ndodana yami,wamukele izwi lami;kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.
11. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;ngikuhola emikhondweni yobuqotho.
12. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa,nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.
13. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki;kulonde,ngokuba kungukuphila kwakho.
14. Ungangeni emkhondweni wababi,ungahambi endleleni yabonakeleyo.
15. Yixwaye, ungadluli ngayo;chezuka kuyo, udlule.
16. Ngokuba abalali,uma bengenzanga okubi;ubuthongo buyasuswa,uma bengakhubekisanga muntu.
17. Ngokuba badla isinkwa sobubi,baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.