Izaga 30:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;uyisihlangu kwabaphephela kuye.

6. Ungenezeli emazwini akhe,funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.

7. “Yizinto ezimbili engizicela kuwe:unganginqabeli nazo, ngingakafi.

8. Dedisela kude nami okuyize namanga,unganginiki ubumpofu nengcebo,kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,

9. funa ngisuthe, ngikuphike ngithi:‘UJehova ungubani na’ ”funa ngibe mpofu, ngebe,ngilone igama likaNkulunkulu wami.

10. “Ungahlebi inceku enkosini yayo,funa ikuthuke, ube necala.

Izaga 30