24. “Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni,kepha zihlakaniphile kakhulu:
25. izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;
26. izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;
27. izinkumbi azinankosi,kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;
28. isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,kanti sisendlini yenkosi.
29. “Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:
30. ingonyama, iqhawe ezilwaneni;ayihlehli nakusiphi;
31. nehhashi lempi kanye nempongo,nenkosi phambi kwempi yayo.
32. “Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa.wacabanga okubi,beka isandla emlonyeni wakho.
33. Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa,nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi;kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.”