Izaga 30:24-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. “Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni,kepha zihlakaniphile kakhulu:

25. izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;

26. izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;

27. izinkumbi azinankosi,kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;

28. isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,kanti sisendlini yenkosi.

29. “Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:

30. ingonyama, iqhawe ezilwaneni;ayihlehli nakusiphi;

31. nehhashi lempi kanye nempongo,nenkosi phambi kwempi yayo.

32. “Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa.wacabanga okubi,beka isandla emlonyeni wakho.

33. Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa,nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi;kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.”

Izaga 30