Izaga 30:21-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. “Phansi kwezinto ezintathu umhlaba uyazamazama,yebo, phansi kwezine ongezithwale:

22. phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi,nesiwula uma sisuthile ngokudla,

23. naphansi kwesaliwakazi ekuganeni kwaso,nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.

24. “Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni,kepha zihlakaniphile kakhulu:

25. izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;

26. izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;

27. izinkumbi azinankosi,kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;

28. isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,kanti sisendlini yenkosi.

29. “Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:

Izaga 30