Izaga 30:19-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. indlela yokhozi emoyeni,nendlela yenyoka edwaleni,nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle,nendlela yendoda entombini.

20. “Inje indlela yowesifazane ophingayo:uyadla, abesesula umlomo wakhe,athi: ‘Angenzanga isono.’

21. “Phansi kwezinto ezintathu umhlaba uyazamazama,yebo, phansi kwezine ongezithwale:

22. phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi,nesiwula uma sisuthile ngokudla,

23. naphansi kwesaliwakazi ekuganeni kwaso,nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.

24. “Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni,kepha zihlakaniphile kakhulu:

25. izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;

26. izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;

27. izinkumbi azinankosi,kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;

28. isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,kanti sisendlini yenkosi.

29. “Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:

30. ingonyama, iqhawe ezilwaneni;ayihlehli nakusiphi;

31. nehhashi lempi kanye nempongo,nenkosi phambi kwempi yayo.

32. “Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa.wacabanga okubi,beka isandla emlonyeni wakho.

33. Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa,nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi;kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.”

Izaga 30