25. Ungethuswa luvalo oluzumayonokuchithwa kwababi, lapho kufika,
26. ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho,agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
27. Ungagodleli abaninikho okuhle,lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.
28. Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi:“Hamba, ubuye,ngiyakukunika kusasa,”lapho kukhona kuwe.
29. Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho,lapho ehlezi nawe elondekile.
30. Ungaphikisani namuntu ngeze,uma engakonanga ngalutho.
31. Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,