15. Kuyigugu kunamarubi,*nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.
16. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene,nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.
17. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi;yonke imikhondo yakho ingukuthula.
18. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo,nababambelela kukho babusisiwe.
19. UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha;wamisa amazulu ngokuqonda.
20. Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa,namafu aconsa amazolo.
21. Ndodana yami,lokho makungasuki emehlweni akho,ugcine ukuhlakanipha namasu,
22. kube ngukuphila emphefumulweni wakhonomusa entanyeni yakho.