Izaga 3:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Kuyigugu kunamarubi,*nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.

16. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene,nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.

17. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi;yonke imikhondo yakho ingukuthula.

18. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo,nababambelela kukho babusisiwe.

19. UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha;wamisa amazulu ngokuqonda.

20. Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa,namafu aconsa amazolo.

21. Ndodana yami,lokho makungasuki emehlweni akho,ugcine ukuhlakanipha namasu,

22. kube ngukuphila emphefumulweni wakhonomusa entanyeni yakho.

Izaga 3