1. Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
2. ngokuba iyakwenezela kuweubude bezinsuku,neminyaka yokuphila, nokuthula.
3. Isihhe neqiniso makungakushiyi;kubophe entanyeni yakho,ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
4. ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
5. Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
6. Mazise yena ezindleleni zakho zonke,uyakuqondisa imikhondo yakho.
7. Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;mesabe uJehova, udede ebubini.
8. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakhonokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
9. Dumisa uJehova ngempahla yakho,nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,