1. Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
2. ngokuba iyakwenezela kuweubude bezinsuku,neminyaka yokuphila, nokuthula.
3. Isihhe neqiniso makungakushiyi;kubophe entanyeni yakho,ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
4. ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
5. Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
6. Mazise yena ezindleleni zakho zonke,uyakuqondisa imikhondo yakho.
7. Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;mesabe uJehova, udede ebubini.
8. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakhonokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
9. Dumisa uJehova ngempahla yakho,nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
10. izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi,nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.
11. Ndodana yami,ungadeleli ukulaya kukaJehova,ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
12. Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,njengoyise indodana ayithandayo.
13. Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakaniphanomuntu ozuza ingqondo,
14. ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva,nokutholakalayo kukho kunegolide.
15. Kuyigugu kunamarubi,*nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.
16. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene,nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.
17. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi;yonke imikhondo yakho ingukuthula.
18. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo,nababambelela kukho babusisiwe.
19. UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha;wamisa amazulu ngokuqonda.