Izaga 29:19-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Inceku ayisolwa ngamazwi,ngokuba noma iqonda ayilaleli.

20. Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na?Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.

21. Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneniiyakuba yindodana ekugcineni.

22. Umuntu onolaka uvusa ukuxabana,nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.

Izaga 29