14. Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso,isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15. Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha,kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.
16. Ngokwanda kwababi kuyanda iziphambeko,kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.
17. Yilaye indodana yakho,iyakukuphumuza,yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.
18. Lapho kungekho mbono khona,abantu bayadlubulunda,kepha ogcina umthetho ubusisiwe.
19. Inceku ayisolwa ngamazwi,ngokuba noma iqonda ayilaleli.
20. Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na?Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.
21. Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneniiyakuba yindodana ekugcineni.
22. Umuntu onolaka uvusa ukuxabana,nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.
23. Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
24. Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe;uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.
25. Ukwesaba abantu kubeka ugibe,kepha owethemba uJehova uyalondeka.
26. Abaningi bafuna ubuso bombusi,kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.
27. Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo,noqotho endleleni uyisinengiso komubi.