1. Umuntu osolwayo,onentamo elukhuni kodwa,uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.
2. Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo,kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.
3. Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise,kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.
4. Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela,kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.
5. Umuntu othopha umakhelwane wakhewenekela izinyawo zakhe inetha.
6. Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe,kepha olungileyo uyenanela, athokoze.
7. Olungileyo uyazi indaba yabampofu,kepha omubi akayiqondi.
8. Abantu abayizideleli bavusa umuzi,kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.
9. Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula,siyadlova sihleke, nokuthula akukho.
10. Abantu begazi bayazonda opheleleyo,kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.
11. Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.
12. Uma umbusi elalela indaba yamanga,zonke izinceku zakhe zimbi.