3. Umuntu oswelayo ocindezela abampofuunjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
4. Abashiya umthetho badumisa ababi,kepha abagcina umthetho balwa nabo.
5. Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,kepha abafuna uJehova baqonda konke.
6. Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhekunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
7. Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo,kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.
8. Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzouyibuthela onomusa kwabampofu.
9. Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,nomkhuleko wakhe uyisinengiso.
10. Odukisela abaqotho endleleni embiuyakuwela emgodini wakhe,kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.
11. Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso,kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.