2. Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi,kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.
3. Umuntu oswelayo ocindezela abampofuunjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
4. Abashiya umthetho badumisa ababi,kepha abagcina umthetho balwa nabo.
5. Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,kepha abafuna uJehova baqonda konke.
6. Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhekunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
7. Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo,kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.
8. Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzouyibuthela onomusa kwabampofu.