15. Njengengoyama ebhongayo nebhere* elihahayo,unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
16. Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.
17. Umuntu osindwa yigazi lomunyeuyakubalekela egodini;makangasizwa muntu.
18. Ohamba ekupheleleni uyakusinda,kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
19. Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.