Izaga 27:4-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula,kepha ngubani ongema phambi komhawu na?

5. Ukusola okusobala kungconokunothando olufihliweyo.

6. Amanxeba othandayo athembekile,kepha ukwanga kwesitha kuyachichima.

7. Umphefumulo osuthiyo uyanengwa yizinyosi,kepha emphefumulweni olambileyo konke okubabayo kumnandi.

8. Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo,unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.

9. Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo;bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.

10. Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo,ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho;ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.

11. Ndodana yami, hlakanipha,uthokozise inhliziyo yamiukuba ngiphendule ongisolayo.

12. Oqondileyo uyabona ububi, acashe,kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

13. Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

14. Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu, evuka ekuseni,kuyakubalelwa kuye ukuthi kuyisiqalekiso.

15. Ukuconsa okunganqamukiyo ngosuku lwemvulanowesifazane oxabanayo kuyafana.

16. Omvimbela yena uvimbela umoya;isandla sakhe sokunene sihlangana namafutha nje.

17. Insimbi ilola insimbi,nomuntu ubuso bomunye.

18. Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo,nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa.

19. Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.

20. Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi,namehlo omuntu awasuthi.

Izaga 27