18. Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo,nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa.
19. Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.
20. Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi,namehlo omuntu awasuthi.
21. Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,nesithando ngesegolide,nomuntu unjengodumo lwakhe.
22. Noma ugqula isiwula ngembokodweetsheni lokusila phakathi komqhazulo,ubuwula baso abuyikusuka kuso.
23. Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho,ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho.
24. Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade;umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?
25. Lapho utshani bumuka,nohlaza lubonakala,nemifino yezintaba ibuthwa,
26. kukhona izimvu zokuba wembathe,nezimpongo ukuba zibe yintengo yomhlaba.
27. Kuyakuba khona ubisi lwezimbuziolwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho,nokuphila kwamantombazana akho.