1. Ungazigabisi ngolwakusasa,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.
2. Makakudumise omunye,kungabi ngumlomo wakho,kube ngumfokazi,kungabi yizindebe zakho.
3. Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima,kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.
4. Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula,kepha ngubani ongema phambi komhawu na?
5. Ukusola okusobala kungconokunothando olufihliweyo.
6. Amanxeba othandayo athembekile,kepha ukwanga kwesitha kuyachichima.